Inhlangano elawula ibhola e-Africa, iConfederation of African Football (CAF) ingase izithole ibhekene nenkinga yezimali kulandela ukunqamula inkontileka nesiteshi saseQatar esisakaza imidlalo ezindaweni ezihlukene emhlabeni iBeIN Sports.

ICAF ngo-1 September iyalele iBeIN Sports ukuthi ngeke isaqhubeka nesivumelwano sabo seminyaka ewu-12, ebesizoyifakela u-$415 million ngokusakaza imidlalo yemiqhudelwano yeCAF njenge-Africa Cup of Nations.

Ngasohlangothini lweCAF, ikhala ngokuthi ikweletwa imali ebalelwa ku-$80 million.

IBeIN Sports ivumile ukuthi kukhona izinkinga ebhekene nazo kulandela isivumelwano esenziwe ngo-2017 neCAF kodwa ayikwamukeli ukunqanyulwa kwenkontileka.

“Sisabheka izinyathelo esingazithatha ngokomthetho ukuze sizivikele,” kusho uYousef Al-Obaidly ebhalela izikhulu zeCAF ngeledlule.

“Ngicela ukucacisa ukuthi iBeIN ayikwamukeli ukunqanyulwa kwalenkontileka futhi izothatha zonke izinyathelo zomthetho ezifanele ukuze isiguqule leso sinqumo.”

Ngo-2019 ngoNovember iCAF yabhekana nenkinga efanayo iqeda ukunqamula inkontileka yayo neLagardere Sports eyayizoyifakela u$1 billion. Inkantolo yaphoqa iCAF ukuthi ikhokhe u$50 million ngokunqamula le nkontileka. Leso samba ize yaqeda ukusikhokhela ngonyaka odlule.