Umqeqeshi waseTunisia obefunwa yiKaizer Chiefs, uNeraddine Nabi useveze okumenze waqoka ukungaqhubeki nezingxoxo zokuqeqeshi eNaturena.

Lo mqeqeshi oshiye umsebenzi eTanzania ngethemba lokuthi kuzohlangana nakanjani kuleli, uthi uthuke woma iqembu elibalwa namakhulu e-Afrika likhala ngemali okuzofanele liyikhokhele u-Arthur Zwane noDillon Sheppard uma bededelwa. Ngenxa yalokho iChiefs ibicelela uZwane noSheppard ukuthi babe kwi-technical team kaNabi, kunokuthi afike namaphini amabili amasha nawo okuzofanele akhokhelwe yiChiefs.

“Ngabatshela ukuthi angihambisani nesinqumo sabo. Bengifuna benginikeze ithuba ngize namaphini amabili azongisiza.

“Ngabona ukuthi kuzoba nzima ngesikhathi bethi kunabantu abanezinkontileka okuzochitha imali eningi uma zinqantulwa.

“Ngakhetha lapho ukuvele ngiyeke ukukhuluma nabo.”

IChiefs ngeledlule ithuse abaningi imemezele uMolefi Ntseki njengomqeqeshi omusha weqembu, amaphini akhe kuzoba uZwane noSheppard. Kubikwa ukuthi uNtseki unobudlelwano obuhle noZwane njengoba sebeke basebenzisana nakwiBafana Bafana.

Okwamanje akucaci ukuthi uNabi uzovumbukaphi kodwa ngeke aliswele iqembu e-Afrika.