Kulindeleke ukuthi iReal Madrid imemezele uKylian Mbappe njengomdlali wayo omusha ngemuva kowamanqamu weChampions League ongoJune 1.
UMbappe izolo uvalelise kubalandeli bePSG ebazisa ukuthi leli qembu liyohlale lisenhlizweni yakhe
“Ngizodlala umdlalo wami wokugcina eParc des Princes ngeSonto. Ngiyaziqhenya ngokudlalela iqembu elikhulu kunawo wonke eFrance, elibalwa nahamba phambili emhlabeni. Ngiyabonga ngethuba lokukhula njengomdlali engilithole kwiPSG,” kusho uMbappe kwi-video ayifake ezinkundleni zokuxhumana izolo.
“Bengingazi kuzoba nzima kanje ukumemezela ukuthi sengiyashiya eFrance. Ngicabanga ukuthi yinto engiyidingayo kodwa le, ukuzama into entsha okokuqala eminyakeni eyisikhombisa.”
MERCI. 🔴🔵 @PSG_inside pic.twitter.com/t0cL2wPpjX
— Kylian Mbappé (@KMbappe) May 10, 2024
Ngokombiko kaFabrizo Romano uMbappe ubheke kwiMadrid futhi alikho elinye iqembu asekhulume nalo ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Uzohola imali engaphansi kwabeyihola kwiPSG kodwa kuvela ukuthi ama-image rights azoba ngakuyena, okuzobhalansisa inkece ezomlahlekela.
Kulindeleke ukuthi amanyezelwe ngemuva komdlalo wamanqamu we-UEFA Champions League.