Umqeqeshi weMan United u-Erik ten Hag ongaphansi kwengcindezi kulezi nsuku njengoba iqembu lakhe llingenzi kahle uthi abantu abagxeka umsebenzi awenzayo abalazi ibhola.
UTen Hag ubeke kanje ngaphambi komdlalo we-United ne-Arsenal e-Old Trafford ngeSonto ntambama ebuzwa ukuthi uthini umbono wakhe ngabantu abafuna axoshwe.
“Ngicabanga ukuthi abalandeli basanokusibekezelela, nizibonele ngoMsombuko,” kusho uTen Hag. UMsombuluko akhuluma ngawo baxetshulwe yiCrystal Palace ngo 4-0 eSelhurst Park.
“Ezinye izinto ezikhulunywayo kodwa zingikhombisa ukuthi kunabantu abangalazi ibhola noma abanganalo ulwazi ngokuba wumqeqeshi weqembu lebhola.
“Ngicabanga ukuthi abantu abaningi bayazibona izinkinga esibhekene nazo futhi bayabekezela.”
I-United ibhekene nenkinga yokulimala kwabadlali kule sizini. Kule sizini abadlali abamqoka njengoRaphael Varane, Luke Shaw noLisandro Martinez bachithe isikhathi esiningi ebhentshini ngenxa yokulimala. Umdlali olandelwe ukuqinisa isisu, uMason Mount, udlale imidlalo ubehlushwa ukulimala kule sizini njengoba edlale imidlalo ewu-14 kuphela, iningi layo esuka ebhentshini.
Imibuzo isamile nokho ngesibhaxu esitholwa yi-United ngoba noma kunenqwaba yabadlali abalimele, abaningi baphakamisa imibuzo ngobuhlakani bukaTen Hag uma kuqhubeka umdlalo. Isikhathi esiningi uyahluleka ukwenza izinguquko ngesikhathi esifanele, uma ezenzile kubuye kuphazamiseke indlela iqembu ebelidlala ngayo.
Kusangenzeka uTen Hag asinde ezembeni kwi-United njengoba leli qembu lizama ukushintsha indlela yokwenza uma zingahambi kahle izinto. Eminyakeni edlule i-United ixoshe abaqeqeshi okubalwa kubo uJose Mourinho, Ole Gunnar Solskjær, Louis va Gaal, David Moyes noRalph Rangnick.