Inkantolo yomthethosisekelo isichithile isicelo sikalowo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, sokuthi kuhoxe amajaji ayisebhentshini ngesikhathi kunqunywa ukuthi uyaboshwa ngo-2021.
UZuma ubefuna kuhoxe amajaji ayisithupha ngaphambi kokuthi inkantolo yomthethosisekelo ilalele udaba lwakhe ne-IEC. U-Adv Dali Mpofu wazise inkantolo ukuthi abakuboni kufanele ukuthi amajaji ayeyingxenye yabathatha isinqumo sokugweba uZuma aphinde abe sebhentshini lamajaji azonquma odabeni oluphakathi kwakhe ne-IEC.
Kuzokhumbuleka ukuthi into ebangwa yi-IEC noZuma, yisigwebo asithola ngecala lokudelela inkantolo sezinyanga eziwu-15. Ngokomthetho wakuleli, umuntu osegwetshwe izinyanga eziwu-12 kuya phezulu akavumelekile ukuba yilungu lePhalamende, okusho ukuthi akakwazi ukungenela ukhetho.
Ngenyanga edlule i-Electoral Court ithe ngoba uZuma wagwetshwa yinkantolo yomthethosisekelo, akalitholanga ithuba lokuphikisa isigwebo sakhe, okusho ukuthi akalitholanga ithuba lokuthi acele ukwehliselwa isigwebo, noma ukuthi kuchithwe isinqumo.
Njengoba sesichithiwe isicelo sikaZuma, iCoCourt sekumele inqume ke ukuthi ithini odabeni lukaZuma ne-IEC, ecela ukucaciselwa ngosection 47.