IPSG ngesonto eledlule yenze into ebengilandelwe iphuca iReal Madrid iqatha emlonyeni ivumelana noKylian Mbappe ukuthi ahlale. UMbappe (23) ugcine eqoke ukwelula inkontikela yakhe ngeminyaka emithathu okusho ukuthi uzohlala kwiPSG kuze kushaye u-2025.
Ngokwemibiko yamaziko ezemidlalo e-Europe kuvela ukuthi le ndaba imphoxile umengameli weReal Madrid, uFlorentino Pérez, okudingeka ukuthi achazele abadlali bezakhe ukuthi akasezi uMbappe. Kuvela ukuthi abadlali kubaphoxile ukuzwa lokhu njengoba bebelindele ukuthi abajoyine lo mgadli onqobe iNdebe yoMhlaba neFrance ngo-2018 eneminyaka ewu-19.
IPSG inqobe umbango wayo neMadrid ngokunikeza uMbappe amandla okuthi aqoke umqeqeshi omusha weqembu ngokunjalo nomqondisi webhola. Ngaphezu kwalokho, uzophiwa indlebe kubadlali afuna basayiniswe. Kulabo badlali, kubalwa no-Aurélien Tchouaméni omataniswa neLiverpool neReal Madrid (okungasho ukuthi izoba komunye umbango nePSG).
IReal Madrid iyeke ithuba lokusayinisa u-Erling Haaland kwiBorrusia Dortmund ngoba inethemba lokuthi isiqede konke noMbappe. UHaaland ugcine ejoyine iManchester City njengoba kucacela ngisho ingane ukuthi intshebe ewuKarim Benzema izobe isayibhakuzisa inethi nangesizini ezayo, okusho ukuthi mancane amathuba okuthi asuswe endaweni kanombolo 9.
IMadrid ifuna uMbappe nje yingoba iphethe uVinicious Jnr kuphela ophondweni, uRodrygo noma ekhombisa ukuthi usazoshisa, akakavuthwa. Kule sizini nje unamagoli amane emdlalweni awu-33 kwiLaLiga.
Umdlali engibona engalungisa inkinga yeMadrid njengamanje uSon Heung-min (29) osezivezile ukuthi inethi uyayishaya. Ushaye amagoli awu-23 kwiPremier League kule sizini.
Okuhle ngoSon wukuthi udlala kahle ophondweni kwesokunxele, okuyindawo edlalwa wuVini, kodwa ubuye ayibambe naku nombolo 9, okusho ukuthi ingaguqulwa isystem yeMadrid bedlale ndawonye phambili noBenzema, uVini naye athole isikhala ophondweni kwesokunxele. Kwesokudla uValverde usezivezile ukuthi uyakwazi ukudlala ophondweni futhi uzodlala kangcono uma sekufakwe iRWB ehlaselayo, umdlali ofana noReece James kanje.
USon noma eneminyaka ewu-29 ngibona ukuthi usangayipha amasizini amathathu amahle iMadrid uma unakekelwa kahle umzimba wakhe. Omunye umdlali iMadrid ebingambheka uMohamed Salah. Inkinga ukuthi lo mdlali akekho klamuklamu nabadlali beReal Madrdi kanye nabalandeli bayo kulandela isigameko esenzeka phakathi kwakhe noSergio Ramos kowamanqamu weChampions League. USalah inkontileka yakhe iyaphela ngoJuni ngonyaka ozayo kodwa okuyinyo engenza iMadrid izimisele ngokumthatha uma engezukuyilula inkontileka yakhe kwiLiverpool.
Ngokubona kwami kodwa ngibona uSon ezoba wumdlali ozongena khaxa esikhaleni ebesizothathwa wuMbappe ngenxa yejubane analo, umjiko wakhe uma ehlasela kanye nendlela alinamathisela ngayo enethini. Okunye, kuzoba lula kakhulu ukubeka imali noEden Hazard etafuleni uma sebekhuluma neTotteham Hotspur, kanti kwiLiverpool kuzomele babeke imali kuphela ngoba angiyiboni ithatha uHazard.
IMadrid ike yamataniswa noSon ngoJanuary kodwa yagcine iqoke ukungasayinisi muntu njengoba ibikholelwa ukuthi kuza uMbappe.