Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic usethembise ukufaka iqembu kwiTop 8 ngesizini ka-2022/23.

Ubekhuluma ngemuva komdlalo weDSTV Premiership beshaya iChippa United ngo 1-0 ePort Elizabeth ngoMgqibelo. URamovic uphinde wancoma abadlali bakhe ngokuzinikela bevika izembe kulesizini.

UGiven Msimango ushaye igoli lokuwinisa iGalaxy sekuvalwe amehlo ngomzuzu ka-91. Bekubukeka sengathi iGalaxy izoya kumaPlay-Offs ngesikhathi iSwallows isihamba phambili ngo 2-1kwiKaizer Chiefs kodwa akwenzekanga njalo ngoba umdlalo usuphela zibambene.

URamovic ufike ngo-Okthoba, wafica iGalaxy idonsa kanzima kunombolo 16.

“Ngifike kwiGalaxy ingenayo indlela yokudlala, abadlali bebedunyelwa. Ngibafake esikoleni, ngabachazela ngezinto ezibalulekile.

Bakhombise ubumbano nokulwela ijezi. Angicabangi ukuthi amanye amaqembu abezobuya ezembeni ngemuva kokuqoqa amaphuzu amabili emidlalweni engu-8 ekuqaleni kwesizini. Bekunzima ukuhlala kwiligi kodwa siqhubekile nokulwa. Ukusebenza kanzima nokuzinikela kuzale impumelelo.

Ngiyajabula ngoba sesiphephile manje, kuhle lokho. Ngifike ngo-Okthoba izinto zibheda ngempela. Kufanele ngishayele ithimba labaqeqeshi ihlombe ngokusindisa iqembu ezembeni. Nabadlali babhukulile. Ngibonga noSihlalo ngokunginikeza ithuba lokusebenza. Muhle umsebenzi engiwenze kwiGalaxy,” kubeka uRamovic ekhuluma nabezindaba.

URamovic uthi uzoqala amalungiselelo esizini ezayo kungekudala. Ufuna baqede kwiTop 8 ngesizini ka-2022/23.

“Ngizoqala amalungiselelo esizini ezayo. Ngiyathembisa iTS Galaxy angeke ivike izembe, izolwela iTop 8 manje. Sifuna iTop 8 kufanele sizilungiselele. Sesilungiselela isizini entsha,” kubeka uRamovic.