Umqeqeshi weStellenbosch uSteve Barker ukholwa ukuthi ezakhe ziqede isizini zingomakhonya emehlweni akhe noma sekungabhimba imiphumela yemidlalo esele kwiDSTV Premiership.

IStellenbosch siqede isizini ngenothi eliphezulu sishaya omakhelwane iCape Town City ngo 1-0 umdlalo usuyophela eDanie Craven Stadium.

Lomphumela ubeke IStellies endaweni yesithathu kwiligi ngemuva kokuqoqa amaphuzu angu-47, okuyirekhodi elisha kuleliqembu.

IStellies sesimincele ukubona imiphumela emidlalweni esele kwiDSTV Premiership njengoba i-Orlando Pirates neRoyal AM benemidlalo esandleni. IPirates inemidlalo emithathu esele, iThwihli Thwahla isele emuva ngemidlalo emibili.

IRoyal AM inethuba lokufinyelela emaphuzwini angu-51, iBucs yona isengafika ku-49 wamaphuzu.

“Lomphumela usibeke endaweni enhle. Ngizwile ngemiphumela kweminye imidlalo, ukunqoba kwethu kuyinto enkulu. Kusekhona amaqembu okufanele aqedele imidlalo esele kodwa sengimincele iTop 4, lokho kungasikhuphula kakhulu,” kubeka uBarker ecashunwa abeSuperSport TV.

UBarker uphinde wabonga abadlali abahambayo kwiStellies njengoba kuphela isizini. UGranwald Scott, Robyn Johannes, Waseem Isaacs, Stanley Dimgba, Nathan Sinkala, Sibusiso Mthethwa noZitha Kwinika angeke balidlubhe ijezi leStellies ngesizini ezayo.

“UScott akawashayi amagoli kakhulu, uvalelise kahle. Besifuna ukubavalelisa kahle abadlali abahambayo, bengifuna bangene emdlalweni. Ngiphatheke kabi ngokubadedela kodwa bazohamba
behloniphekile ngoba bashiya iqembu endaweni enhle.

Kukhulu abakwenzele iqembu. Siyajabula ngomphumela kodwa siphatheke kabi ngabadlali abahambayo. Basengaqhubeka badlale, abanye sebethole namaqembu amasha. Bangabuya futhi bezoqeqesha eqenjini. Kuyenzeka uthathe izinqumo ezifana nalezi, sengithembe ukuthi izinqumo ezifanelekile,” kusho uBarker.