Sphamandla Gumede 

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi iKaizer Chiefs iyona esasethubeni elihle lokuwina iligi yize ezakhe zinciphise igebe esicongweni se-Absa Premiership ngamaphuzu amathathu. 

UThemba Zwane, ongene esuka ebhentshini, ushaye igoli   elinqobise iDowns ibhekene neGolden Arrows emdlalweni weligi obubanjelwe eDobsonville Stadium ngoMsombuluko ebusuku.

“Kunzima kakhulu kubadlali kanye nasethimbeni labaqeqeshi. Bekufanele sinqobe, kudala sizama, silwela ukunqoba. Lokhu kukhombisa ukuthi uma uqhubeka uzama, izinto zigcina zilungile. Ngibonga umdali ngabadlali ababili abangene besuka ebhentshini. UZwane udlale kahle. UMaboe uyena oshaye iphasi ebalulekile kwazise ubengaphansi kwengcindezi, izinto zimbhedela. Inhle iphasi ayishayile,” kuchaza uPitso ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo. 

IDowns ibinqoba okokuqala selokhu kwabuyiswa imidlalo yeligi. Leliqembu laseChloorkop belingakaze liwine emidlalweni emine eyedlule njengoba lidlale ngokulingana neMaritzburg United, Highlands Park kanye ne-Orlando Pirates. IDowns iguqiswe iCape Town City ngesonto eledlule, okuwumphumela oyibeke encupheni yokuphunyukwa isicoco seligi. 

“Uma uqhubeka nokusebenza kanzima, izinto ziyalunga. Akukho okusezandleni zethu kodwa sizolwa size sifinyelele ekugcineni. Umdlalo besiwuphethe, ingcindezi ibingekho, okuyinto esisebenzele kakhulu. Amagoli akhona ngoba sesiwashaye afinyelela eshumini selokhu sibuyele enkundleni. Siwunqobile umdlalo obubaluleke kakhulu. Ngiyafisa ukuba sishaye igoli umdlalo usephakathi,” kuchaza uPitso. 

IChiefs esesicongweni se-Absa Premiership, izokhiphana inkani neMamelodi Sundowns emdlalweni ozocacisa kabanzi ngombango weligi ngoLwesine. UJingles uthe iChiefs iyona ezobe inengcindezi e-Orlando Stadium. 

“Umdlalo weChiefs awukho ezandleni zethu. Indebe isezandleni zeChiefs, iyona esethubeni lokumuka nesicoco. Thina silandela ngemuva. IChiefs inamagoli kanye namaphuzu, akukho abashoda ngakho. Ngingakujabulela ukushintshana ngezindawo nabo. UMiddendorp usendaweni enhle kakhulu,” kuphetha uPitso.