Intatheli Yezemidlalo

Useqalile ukuzifaka ezinhlizweni zabalandeli be-Anderlecht umdlali weBafana Bafana uPercy Tau kulandela ukushaya igoli lakhe lesibili kwiJupiter Pro League ngesikhathi bebhekene ne-Oostende.

UPercy Tau, obekungokokuqala eqala umdlalo kuleli qembu, unconywe umqeqeshi uVincent Kompany ngemuva kwalo mdlalo edalula ukuthi ugculisekile ngendlela ezakhe ebezihlasela ngayo kulo mdlalo ogcine uphele ngo 2-2.

“Abadlali bami bakhombise ukuzethemba. Noma i-Oostende ibisifake ngaphansi kwengcindezi baqhubekile badlala ibhola,” kuchaza uKompany ngemuva komdlalo.

“Singenise amagoli ngenxa yamaphutha amancane. Kuyenzeka lokhu. Ngaphambi kwekhefu besihluleka ukusebenzisa izikhala ebesizithola kodwa sikuguqulile lokho. Sikwaze ukudlala ngendlela ebesihlele ukudlala ngayo ngesiwombe sesibili. UTau ubeyingozi njalo uma ephethe ibhola, uDoku ubezenzela kwizitobha abebhekene nazo,” kusho lo mqeqeshi.

Uthe ufuna iqembu lakhe lenze kangcono uma seligoba noma lifaka ibhola lokugcina uma lihlasela.

Njengamanje ezikaTau zihleli endaweni yesi-8 ngemuva kwemidlalo ewu-4 kwiligi