UMengameli weMarumo Gallants u-Abram Sello ulindele ukuthi ezakhe ziqede isizini nenkomishi eyodwa, kwi-top 8.
UDylan Kerr uqokelwe kwesokuqeqesha iGallants ezodlala kwiDStv Premiership kulandela ukuphasiswa kokuthengwa kwesitifiketi seMoroka Swallows ebidonsa kanzima kwezezimali.
IBahlabane Ba Ntwa yadliwa yizembe kwiligi ngesizini ka-2022/23. Leliqembu lisinde ngokulambisa ezembeni kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule iqeda ihleli kunombolo 11.
UKerr, owasindisa leliqembu ezembeni waphinde walibeka kowamanqamu weNedbank Cup, ubekelwe umbandela wokunqoba indebe eyodwa kulesizini.
“Ngisebenze noDylan izikhathi ezintathu ngemuva kokuthenga iTTM. Wenza imilingo, wasindisa iqembu elalicwila ezembeni. Wasifaka kowamanqamu weNedbank Cup, wazidweba nendebe ngenxa yalokho. Ngifuna abuyise umdlandla eqenjini.
“Sekukhona indebe entsha (Carling Knockout Cup), kufanele azame ukunqoba indebe eyodwa. Ngimbekele umbandela wokufaka iqembu kwi-top 8.
“Umqeqeshi unolwazi ngemibandela engimbekele yona. Ngilindele ukubona imiphumela emihle. UDylan uyawazi umsebenzi, siyakholelwa kuye. UDylan uneso elihle lokubona abadlali abasezingeni futhi uyakwazi nokukhanda iqembu.
“Ngizokwenza umzekelo ngoRanga Chivaviro, bekukhulunywa ngaye ngesizini edlule (2022/23). Abaqeqeshi nabo basifakile isandla eqenjini kodwa ngilindele imiphumela kumqeqeshi,” kubeka uSello ekhuluma esithangamini nabezindaba.
Sekuyihlandla lesibili iGallants ivunyelwa ukuthenga isitifiketi kwazise yasayina isivumelwano sokuthenga iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) ngo-2021.
IGallants yamangaza abaningi inqamula ebunzimeni beCAF Confederations Cup ngesizini Ka-2022/23, yagcina ikhishwe yiYoung Africans kumasemifinals.
IBahlabane Ba Ntwa, eyaphuma kuma-semifinals eNedbank Cup ngo-2022, yalahlekelwa abadlali ababalulekile okungabalwa kubo uRanga Chivaviro, Lebogang Mabotja, Washington Arubi, Katlego Otladisa, Lesiba Nku, Mahlatse Makudubela no-Ismaël Touré.
“Of course, other coaches contributed as well, so we expect so much, and he needs to deliver more.”