Amaqembu awu-8 adlala kwiligi yaseFrance, i-Uber Eats League 1 (ezobizwa ngeLeague 1 McDonalds kusukela ngesizini ezayo), asengcupheni yokucwila ezindlekweni, aselungiselela nokufaka isikhalo ezinkantolo ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25.
Isizini entsha izoqala ngomhla ka 16 enyangeni ezayo, kodwa akukaziwa nokuthi bazotholakala yini abazolisakaza ibhola lase-France. Isikhulu esengamele ibhola lase-France u-Vincent Labroune saqala sifuna imali elinganiselwa ku-£1 Billion ngesizini, kodwa akukho nenkampani eyodwa eyafaka isicelo sokusakaza le ligi kule nkontileka ebizoqala ngo-2025 ize iphele ngo-2029.
Kuthiwa izikhulu zase-France zibe sezizama ukuhlangana nezinkampani ezintathu ezingasakaza imidlalo yeligi, zehlisa nemali ebifunwa, kodwa namanje akunamnyakazo.
Le ligi ishaywe kakhulu ukunqanyulwa kwenkontilaki yabo nabasakazi base-Spain i-Mediapro ngo-2020 ngenxa yezinkinga zemalo, yase iqedelwa ukuhamba kwezinkakha ebezigijima kwi-PSG uLionel Messi, uNeymar kanye noKylian Mbappe abahambe esikhaleni esingangonyaka. Emva kwalapho, yehle kakhulu intshiseleko yokulandela i-League 1 kubalandeli, okudale abasakazi bengayiboni inzuzo ekukhipheni izizumbulu ezidingekayo ukuze besakaze leli bhola.
Iphephandaba lakhona e-France, iL’Equipe, seliveze nemibiko yokuthi kunamaqembu asezithola esezinkingeni zezimali ngenxa yalesi simo. Kulawa maqembu kubalwa i-Auxerre, i-Lens, i-Stade Reims, i-Brest, i-Le Havre, i-Angers kanye ne-Montpellier eke yadlalelwa u-Keagan Dolly odedelwe yi-Kaizer Chiefs enyangeni edlule.