Isikhulu seSuperSport United uStanley Matthews uhlalele ethembeni lokubona uShandre Campbell ebalwa nabadlali abahamba phambili eNingizimu Afrika eminyakeni elishumi ezayo.
UCampbell (18) uqinisekiswe njengomdlali omusha weClub Brugge yaseBelgium ngoLwesithathu.
ISuperSport inqabile ukudalula imali eyithole ngokudayisa uCampbell ozoqaliswa kwiClub NXT, okuyiqembu eliphakela iBrugge edlala kwiBelgium Pro League.
UCampbell, owaqala ukudlala kwinkulisa eneminyaka engu-11, ushaye amagoli amahlanu, wakhandela nozakwakhe amagoli ayisithupha ngesizini ka-2023/24.
UMatthews utuse iDStv Premiership neDStv Diski Challenge (DDC) ngokuqinisa uCampbell.
“Sinethemba lokuthi uShandre uzokhula ngokwebhola, abe ngomunye wabadlali abaphambili eNingizimu Afrika eminyakeni elishumi ezayo.
“Ukusayina kukaShandre eqenjini eliphesheya kwezilwandle ngaphandle kokwenza inhlolokhono kugqamisa izinga eliphezulu leDStv Premiership neleDStv Diski Challenge.
“Ngithemba ukuthi uzogqgquzela abanye abadlali abasebancane abanesifiso sokuyodlala kumaligi aphambili emhlabeni jikelele,” kubeka uMatthews.
UCampbell uvule isifuba evalelisa esitatimendeni seqembu.
“Angivalelisi kodwa nginethemba lokuthi ibhola lami lizodlondlobala kakhulu ukuze nizoziqhenya ngami. Ngiyabonga kubasebenzi benkulisa abebefana nomndeni wami. Ngibonga kakhulu ngokungigada ninginakekele.
“Ngiyabonga kubazali bami noMdali ngokunginikeza ithuba lokufeza iphupho lami. Angeke ngiyikhohlwe iSuperSport United,” kubhala uCampbell.
UCampbell ulandela ezinyathelweni zika-Andile Jali, Lyle Foster, Percy Tau, Elrio Van Heerden, Siboniso Gaxa no-Anele Ngcongca (ongasekho) kubadlali asebeke bagijima eBelgium.