IKaizer Chiefs isaqhubeka nemizamo yokusayinisa umdlali weSekhukhune United neBafana Bafana, u-Elias Mokwana.

Ngokwemibiko yakamuva ziyanda izesheli zalo mdlali njengoba sekubalwa neMamelodi Sundowns kanye neqembu laseTunisia i-Esperance. Omabili lawa maqembu awakabeki lutho etafuleni leSekhukhune. iSundowns isalinde ukuqasha umqeqeshi omusha kanti okwamanje kwi-Esperance kusayizingxoxo ngokusho kwamaphephandaba aseTunisia.

Kuthiwa umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs uNesraddine Nabi uzimisele ngokuba nalo mdlali ngesizini ezayo kanti naye kuthiwa isifiso sakhe wukuba yiKhosi.

Kubikwa ukuthi iSekhukhune ifuna u-R15 million ngalo mdlali, okuyimali iChiefs engakafinyeleli kuyo kodwa izingxoxo zisaqhubeka.

Ngaphandle kwalo mdlali, iChiefs isiqede konke nobengumdlali we-Orlando Pirates uBongani Sam (26). Lo mdlali owafika kwezwakala ebholeni lakuleli esagijima kwiBloemfontein Celtic uhambe nesikwati seChiefs esiyophekwa eTurkiye ngaphambi kwesizini ka-2024/25.