Kuhlangene ezinkulu namhlanje njengoba iSpain izodudulana neGermany kuma quarterfinals e-Euro.
Umdlalo wokuqala wama quarterfinals e-Euro, ozobe uphakathi kweSpain kanye neGermany esekhaya, uzodlalwa kusihlwa ngo-6.
Lo mdlalo iwona obhekwe ngabomvu kuyo yonke imidlalo esibe khona kulomncintiswano, njengoba kubhekene amaqembu okuyiwona adlala ibhola elibukekayo kule-Euro. Nasekushayeni amagoli, iwona ahamba phambili njengoba iSpain isikore amagoli awu-9, iGermany yona yashaya 10.
ISpain ilona qembu elisadlale kahle kakhulu kunawo wonke selokhu iqalile i-Euro 24, njengoba isakorelwe elilodwa nje vo igoli kulawa awu-9 asebewakorile. Yibo bodwa futhi abasawine yonke imidlalo kulo mncintiswano, njengoba neGermany ike yaqhuzuka idlala ngokulingana neSwitzerland.
Kulindelwe lukhulu kubadlali basemumva beSpain njengoba besangenelwe yigoli elilodwa. Kuzophinde kubhekwe neziphekepheke zabo ezisencane ezidlala emaceleni uNico Williams noLamine Yamal abangawaniki nhlobo ukuphumula ama-defender.
IGermany yona izobe yethembele kakhulu ezihlweleni zayo njengoba kuyiyona esekhaya. Yize isike yaqhuzuka emdlalweni owodwa yangawina, iyona ehamba phambili ngokukora amagoli njengoba isishaye alishumi. Amehlo azobe ethe “njo” kwiziphekepheke zeGermany ezisencane nazo, uJamal Musiala (ohamba phambili ngamagoli) nomdlali weBayer Leverkusen uFlorient Wirtz.
Okunye abalandeli abazibuza kona ukuthi umqeqeshi uNagelsmann uzokhetha bani phambili phakathi kukaNiklas Fullkrug oqhubekayo nokuziveza uma esuka ebhentshini, kanye noKai Havertz oshiye abalandeli abaningi beGermany benganeme ngaye emidlalweni emibalwa edlule.
Zindala zombili!