Kunemibiko eveza ukuthi iKaizer Chiefs icuthele ukushela oyisitobha seMamelodi Sundowns uGrant Kekana njengoba izingxoxo zokwelula inkontileka yakhe zingahambi kahle noFlemming Berg.

Kuvela ukuthi uKekana, onenkontileka ezophela ngoJuni wango-2026, ucela ukunyuselwa umholo. 

Izimfuno zalomdlali seziholele ekutheni izingxoxo zingaqhubekeli phambili, okuyinto esivulele iChiefs ithuba lokucathama. 

Ngokomthombo wePower FM, kubikwa ukuthi usomaqhinga weDowns uFlemming Berg akafuni ukulalela izimfuno zikaKekana.

“Lendoda (Flemming Berg) isayinise abadlali baseSouth America abahola itshe lemali. Abadlali abafukuza nsukuzonke njengoGrant abasondele nakancane emalini eholwa uMarcelo Allende noMatias Esquivel.

“Abadlali bakhala ngobulungiswa. UKekana akaceli imali enkulu. Udalule ukuthi usezikhombisile eqenjini, usedlalile kwiBafana futhi uqokwe njengesitobha esivelele kwiligi. Ufuna ukuboniswa iqembu limkhathalele, usomaqhinga akanandaba nalokho.

“Kwenzeka into efanayo kuDomingo (Haashim) noZungu (Bongani). Abadlali abajabule eqenjini. 

“Kungenzeka abuyekeze indaba yeKaizer Chiefs uma iSundowns ingamnikezi inkontileka ezomgculisa. UKekana akafuni ukuhamba kodwa uyazi ukuthi iChiefs ingamholela imali engcono,” kubeka lomthombo ohlebele iPower FM.

IDowns imatasa nezinhlelo zesizini ka-2024/25 njengoba isiqalile ukujima eChloorkop. Leliqembu selichithe abadlali abane okubalwa kubo uZungu, Brian Onyango, Gaston Sirino noThabiso Kutumela. 

UJunior Mendieta udayiselwe iVolos yaseGreece kanti kusekhona abanye abadlali okungenzeka bachithwe kungakaqali isizini.