Usomaqhinga weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jnr ulindele imiphumela emihle ngekhempu yeqembu ezobanjelwa eTurkey ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25.
UMotaung uthi lekhempu izosiza umqeqeshi omusha azibonele ngokwakhe izinguquko ezidingakalayo ukuze iqembu lizothola umhlahlandlela.
IChiefs, okulindelwe ukuthi imemezele uNasreddine Nabi esikhundleni sokuqeqesha, izofulathela kulelisonto njengoba izozinza e-Izmit nase-Istanbul isikhathi esingamasonto amathathu.
IGlamour Boys izongcweka namaqembu akhona eTurkey yize imidlalo ibingakaqinisekiswa.
“Ikhempu yokulungiselela isizini entsha ibalulekile ngoba iqinisa ubumbano eqenjini, ibuyise nomdlandla wokulungela isizini esuke izoqala.
“Kubalulekile ukubamba ikhempu ngoba isiza iqembu libumbane, licijele nezingqinamba ezizayo. Iqembu lizoxilongwa yithimba elisha. Abaqeqeshi bazokwazi ukuhlola abadlali, babone nezindawo ezidinga ukulungiswa.
“Silindele uhambo oluzobuyisa imiphumela egculisayo. Ngiyathemba neqembu lizokwazi ukuyibamba ishisa eTurkey ngoba nesizini entsha isisondele,” kubeka uMotaung Jnr.
IChiefs yagcina ngonyaka ka-2003 ukuyohlela ikhempu ngaphandle kwaseNingizimu Afrika. EzikaShintsha Guluva zabamba iqhaza kwiPeace Cup eyayisingathwe eSouth Korea, zabhekana namaqembu okukhona kuwo i-Olympique Lyon yaseFrance, Besiktas yaseTurkey nosokhaya iSeongnam Ilhwa Chunma.
UMqondisi wezokuMaketha uJessica Motaung uthi ukuhambela eTurkey kuyithuba lokuqhakambisa igama leqembu.
“Siyalibonga lelithuba lokukwazi ukuyohlelela isizini entsha ekubeni sizinze kwelinye izwe. Leli yithuba lokuqhakambisa igama leqembu kwelinye izwe.
“Silindele okuhle kodwa ngohambo lweqembu. Ngithemba ukuthi uhambo luzobuyisa umdlandla wokunqoba njengoba kwenzeka sibuya eKorea ngo-2003,” kubeka uJessica.
IChiefs isiqalile ukunyakaza emakethe kulandela ukuvela kwezindaba ezikhomba ukuthi uBongani Sam uzosayina kungekudala. USam, oyibamba kwesokunxele emuva, uthole imvume yeBucs ngokuxoxisana neChiefs.