Kumehlisele ingcindezi ukubona ezakhe zibuya namaphuzu aphelele izolo umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka.

IThwihli Thwahla iginqe iTS Galaxy ebisandizela phezulu kulandela ukushaya iKaizer Chiefs ngempelasonto edlule, bayibuyisa kwamhlaba ngo 1-0 nayo.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uMaduka uncome ezakhe ngokubuya ne-win, wathi sekumele bazame ukunqoba umdlalo ekuhambeni.

“Sibhekene nomdlalo onzima njengoba sidlala neChippa emdlalweni olandelayo, kumele silungise irekhodi lethu ekuhambeni. Asidlale kahle ekuhambe, kumele sikushintshe lokho,”

“Sadliwa sibhekene ne-Orlando Pirates, kodwa emdlalweni wethu olandelayo, sifuna ukukuguqula lokho sibuye namaphuzu ngoba sesike sathinteka ngenduku nasekhaya.

“Kumele siqale manje ukuqoqa amaphuzu ekuhambeni.”

________________________________________________________________________________________________________________

𝙋𝙧𝙤𝙢𝙤𝙩𝙞𝙤𝙣

Bhalisa ePlaya Bets uhlomule ngoR50 wamahhala wokubhejela ezemidlalo. Nakhu okunye ongakuthola:

+50 Spins on any pragmatic slots

& 100% First deposit match up to R2000

Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa

Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar