Uzowubuka nabalandeli umdlalo welast 16 ophakathi kweMorocco neBafana Bafana umqeqeshi uWalid Regragui kulandela ukumiswa imidlalo emine. URegragrui umiswe yiCAF njengesijeziso ngokususa umsindo ngemuva komdlalo wezakhe neDR Congo.

IMoroccan Football Federation ingase izame ukuthi siguqulwe lesi sinqumo ngoba ikhala ngokuthi umqeqeshi wayo akaphulanga mthetho.

Kuzokhumbuleka ukuthi uRegragui waphazamisa uChancel Mbemba esathandaza ngemuva komdlalo owaphela ngo 1-1 efuna ukukhalaza ngokuthile kuye. UMbemba waxhawula uRegragui ezitshela ukuthi akunankinga phakathi kwabo kanti akabuzanga elangeni. Lomqeqeshi akasidedelanga isandla sakhe, waqhubeka nokukhuluma, okuyinto eyacasule uMbemba kwagcina sekungenelela nabanye abadlali.

Isenzo sikaRegragui saholela ekutheni acwaswe ngokwebala ezinkundleni zokuxhumana abalandeli baseMorocco bemthuka.

Isikhala sikaRegragui ebhentshini sizobanjwa yiphini lakhe uRachid Benmahmoud. Badlale engekho emdlalweni wayizolo neZambia abawunqobe ngo 1-0.