Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi ezakhe zinethuba lokufika kowamanqamu we-AFCON njengoba sezingene kwi-last 16.
IBafana ithwale kanzima ithola iphuzu elilodwa ibhekene neTunisia. Lomphumela uyidlulisele kwi-last 16 njengoba izobhekana nezimfivilithi iMorocco.
“Ngijabule kakhulu ngokudlulela kumzuliswano olandelayo. Besiqhathwe namaqembu anzima okukhona kuwo iTunisia, Mali neNamibia.
Isigaba somkhumulajezi sifana nomqhudelwano omusha. Sizibekele umbandela wokufinyelela kowamanqamu. Ngiyalithemba iqembu ngoba linabadlali abasezingeni,” kubeka uBroos ecashunwa abeDiski Times.
UBroos uthi imiphumela abayithole kuGroup E ikhombisa ukukhula kweqembu uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
“Sekuphele iminyaka emibili nohhafu ngihola iqembu. Kufanele ngabe seniyangazi ukuthi ngiwumuntu onjani. Ngifuna ukunqoba yonke imidlalo. Nganginolwazi lokuthi lingakhandeka iqembu yize kuthathe isikhathi eside.
Kwenzekile sathatha izinqumo ezibhedayo kodwa selibumbekile iqembu. Kufanele uzibeķele imibandela endleleni. Besihlele ukudlula esigabeni samaqoqo yize besiqhathwe neTunisia neMali.
Ibihlukile imidlalo emithathu yamaqoqo kodwa sikwazile ukudlulela kwi-last 16,” kuchaza uBroos.
“Imiphumela esiyitholile ichaza ukuthi sesikhulile siyiqembu yize kusekhona abantu abasingabazayo.
Kuyadingeka sidlale kulomqhudelwano ukuze sizoba ngcono. Angeke sikhuphule izinga ngokudlala neqembu elifana neLesotho.
Sidlulile ebunzimeni yize sibhekene neNamibia neTunisia. Kungenzeka sithole iMorocco emdlalweni olandelayo, lomdlalo uzosikhulisa siyiqembu.
Ngijabule kakhulu. Ngibona umkhulu umehluko eqenjini uma ngibheka kusukela ngonyaka odlule,” kuchaza uBroos.