Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi akwenzeki umdlalo wabo neKaizer Chiefs kube ngolula uma bebhekene.
Lamaqembu azotholana eFNB Stadium ngeSonto, emdlalweni okulindeleke ukuthi ungashisi ngoba iDowns isiyinqobile iDSTV Premiership kulesizini.
IChiefs yona isalwela ukungena endaweni engayibeka emzuliswaneni wokuhlungela iCAF Champions League ngesizini ka-2022/23.
“Akwenzeki sizithambise kwiSundowns ngoba sisuke sivikela isithunzi seqembu, asifuni ukuphoxa abalandeli. ISundowns ifuna ukuyinqoba yonke imidlalo esele. Sibheke ukusondela kwirekhodi lethu lamaphuzu amaningi kwiligi (71), sizosala ngephuzu elilodwa vo. Lomdlalo sizowuhlonipha kakhulu.
Sizolwela iCalabash, kuzobonakala ukuthi ubani inkunzi. Sayidlala iCalabash kwiCAF Champions League, izinto zahamba kahle. Sesifuna ukubhekana nbanikazi bayo iCalabash,” kubeka uMngqithi.
UMngqithi uthe sebakhohlwa ngengxabano eyaba khona ngesikhathi iChiefs yelula isandla kwi-Al Ahly iyivumela ukuthi isebenzise iNaturena njengoba yayizotholana neDowns emdlalweni wamaqoqo kulonyaka.
“Leyongxabano seyadlula manje. Sidlalile kwiCAF, sakhishwa kabuhlungu. Leyondaba isidlulele manje.
Uxwayise iSundowns ngomsebenzi omuhle ka-Arthur Zwane noDillon Sheppard a babambe izintambo kwiChiefs.
“Basebenzisa abadlali abasebancane, lokho kuyalikhulisa ibhola lethu. Ibhola abalidlalayo lihle kakhulu, baqala ukuphasa emuva, nendlela abaphaselana ngayo isishintshile kakhulu. Ihlukile uma uqhathanisa nemidlalo esike sayidlala nabo,” kubeka uMngqithi.
U-Aubrey Modiba obekhona kulenkomfa yabezindaba, uthe impumelelo yeSundowns iqhamuka ekuzimiseleni kwabadlali yize iningi labadlali lisezingeni eliphezulu.
“Kufanele sincome abaqeqeshi ngendlela abaphethe ngayo iqembu. Bayangikhombisa ezindaweni engidinga ukulungisa kuzo ukuze ngizosiza iqembu.
Bonke abadlali beSundowns basezingeni eliphezulu futhi basebenza kanzima. Kuyaphoqa ukuthi ujime ngokuzinikela noma usala ngaphandle. Lapha udlalela iqembu, awuzenzeli wena,” kubeka uModiba.