Iqembu elidlala okokuqala kwiBetway Premiership, i-Orbit College, selishicilele isitatimende lixolisa ngenkulumo yomqeqeshi weqembu uPogiso Makhoye osanda kusola uMonnapule Saleng ngokungalisizi ngalutho iqembu.

UMakhoya wakhwela wadilika kuSaleng engxoxweni neSABC Sport lapho aveza khona ukuthi akalisizi ngalutho iqembu uma esenkundleni nokuthi ubona ezakhe zidlala kangcono uma engaphandle.

Lo mqeqeshi waqhuba wathu uSaleng kufanele akhuphule izinga ukuze akhombise uwumdlali onamava futhi osuka eqenjini elikhulu njengoba ebolekwe kwi-Orlando Pirates.

Ugxekwe kakhulu ngale nkulumo uMakhoya, abenye bethi uzama ukuqeda ngomsebenzi kaSaleng ebholeni njengoba evele efike kade kungahambi kahle kwiBucs. Abanye abalandeli bathi kungani lezi zinto engazikhulumi naye ngasese, azishiye lapho, ngoba akuvamile ukuthi umqeqeshi agxeke umdlali ekhuluma nabezindaba.

Ngenxa yengcindezi evela kubalandeli, iCollege isigcine ixolisile ngenkulo kaMakhoya.

“Siyaxolisa kakhulu ngokuhlukumezeka obekungahlosiwe okubangelwe yile nkulumo [kaMakhoya]’ kusho isitatimende seqembu.

“Inhloso yethu ngaso sonke isikhathi wukugqugquzela isimo esihle nesesekayo kubo bonke abadlali bethu, abasebenza ngokuzikhandla bemele ikilabhu yethu ngokuzigqaja nangokuzinikela.

“UMonnapule Saleng uyilungu elihlonishwayo leqembu lethu, futhi siyazisola kakhulu ngokuthi amagalelo akhe abukelwa phansi noma agxekwa ngokungafanele.”

Isitatimende seqembu siqhuba siveze ukuthi kunezingxoxo phakathi kwabaphathi beqembu, umqeqeshi, kanye noSaleng ngalolu daba.