Sekuvele ukuthi iBrazil ingase icele ukubhekana neBafana Bafana emdlaweni wobungani njengoba amazwe asezibekisele indawo kwi-2026 FIFA World Cup eseqalile ukwenza amalungiselelo alo mqhudelwano ozobanjelwa e-USA, Mexico naseCanada ngonyaka ozayo.
Ngokwemibiko, iBrazil ithungatha amazwe asefomini enhle njengendlela yokubheka ukuthi isikwati sayo siqine kangakanani ingakasondeli kakhulu iWorld Cup.
Kuthiwa iBrazil ibibheke umdlalo wobungani ne-Egypt kodwa yachithwa, okushiye iBafana Bafana, Tunisia neMorocco kumazwe angase abhekane nezika Carlo Ancelotti.
U-Ancelotti usanda kuveza ukuthi uzosebenzisa imidlalo yobungani ukuqoka isikwati sakhe sokugcina njengoba eveze ukuthi kunabadlali ababalelwa ku-70 azokhetha kubo isikwati sakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi umqeqeshi weBafana uHugo Broos akakuthandisisi ukubhekana namazwe aqine kakhulu ngemuva kwesibhaxu sika 5-0 abasithola kwiFrance. Lo mqeqeshi unqabe ithuba lokubhekana neMorocco kowubungani ngonyaka odlule ethi akufanele bazixake ngokubhekana namazwe akude kakhulu nabo.
Njengoba iBafana ikhombisa ukuqina kulezi nsuku, kungenza uBroos afune ukuzwa amanzi ngobhoko ikakhulukazi uma bezozibekisela indawo kwiWorld Cup. Umdlalo wobungani namaqembu aqinile kuzosiza iBafana ilungiselele i-Africa Cup of Nations eseMorocco ngoDecember nonyaka.