Isikhulu se-Inter Milan uGiuseppe Marotta sithi iqembu ligculisekile ngezinga lomdlali u-Alexis Sanchez, okuyinkomba yokuthi angase asayiniswe ngokugcwele ekupheleni kwesizini.
I-Inter iboleke uSanchez ekuqaleni kwesizini ka-2019/20 esuka kwiManchester United ebimkhuhlisa ngebhentshi.
USanchez (31) ubehlushwa ukulimala ekuqaleni kwesizini kodwa ushaya into ecokeme selokhu kubuyiswe imidlalo. ISerie A yathatha ikhefu ngesizathu sokuqubuka kwesifo somkhublane icovid 19. Lomdlali uhamba phambili ngokuphakela ozakwabo amagoli e-Italy selokhu kubuye imidlalo yeligi.
Ebuzwa ngekusasa likaSanchez, uMarotta ukucacisile ukuthi iqembu lingathanda ukumsayina lomdlali.
“Siyajabula ngendlela aziqeqesha ngayo uSanchez. Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu futhi sizozama ukubeka imali efanele ukuze simthenge. Sifuna ukukhuphula izinga, sibumbe isikwati sabadlali asebekhulile nalabo abasebancane abanomqomdo wokunqoba,” kuchaza uMarotta ecashunwa abeSky Sports Italia.
USanchez uqale wahlala ebhentshini ekuqaleni kwesizini njengoba ebekade ebanga ijezi nabadlali okukhona kubo uRomelu Lukaku, Lautaro Martinez, Stefano Sensi nomgadli osemncane u-Esposito.
Umqeqeshi we-Inter u-Antonio Conte uchaza uSanchez njengomdlali osefomini phambi kwamapali.
“USanchez usebuyele ezingeni lakhe futhi ukulambele ukudlala. Uke wahlukumezeka kodwa usesimeni esikahle manje, sisazodla ngaye,” kubeka uConte ngemuva komdlalo weligi ezakhe zishaya iSPAL ngo 4-0.
I-Inter iyibambe endaweni yesibili kwiSerie A ngamaphuzu angu-72, njengoba ilandela iJuventus enamaphuzu angu-80. EzikaConte zizokwamukela iFiorentina koweligi eSan Siro ngoLwesithathu. NgoMqgibelo, i-Inter izovakashela iGenoa, okwumdlalo ozocacisa ngesicoco seligi seSerie A.