Inkampani ephehla ugesi kuleli i-Eskom ithi zihamba kahle izinhlelo zokuguqula isimo njengoba sebenyukelwa yithemba ngokuqeda unomphela ukucinywa kukagesi.

I-Eskom ithi ukuzinza kwesimo esiteshini iMatla, eMpumalanga, kunomthelela ekumiseni uhlelo lokucinywa kukagesi. Sekuphele izinsuku ezingu-144 ungacimi ugesi eNingizimu Afrika.

Lesiteshi esiphehla ugesi ngelahle singesinye seziteshi ezimqoka ezaziqaphelwe ngelokhozi ohlelweni lwe-Generation Operational Recovery. 

Lesiteshi siphakela izwe ngogesi obalelwa ku-7.1% kanti namalahle angakathintwa asemaningi kakhulu. 

Imenenja-jikelele esiteshini iMatla, uMasarati Lesolang ubeke kanje.

“Ukuguquka kwesimo okudalwe ukukhula kwamandla okuphehla ugesi kubuyise imiphumela emihle kwezezimali ngonyaka ka-2023, kunomehluko omkhulu ngo-15%. Ukucinywa kukagesi kungalindelekile nokuphazamiseka kwengqalasizinda kwehle ngo-14%,” kusho uSebolang.

NgoLwesithathu, lesiteshi sivakashelwe ongoti emikhakheni eyahlukene okubalwa bezozibonela ngawabo amehlo.  

I-Eskom iyaphoqeleka ukucima ugesi kwezinye izindawo ngokohlelo lwe-load reduction, okudalwa ukuthi Inkampani isuke ivikela ingqalasizinda.