Okhulumela iJacob Zuma Foundation, ophinde abe yilungu leMK Party uMzwanele Manyi unesizathu sokujabula njengoba oyiNhloko yamaJaji uRaymond Zondo eseyikhumula unomphela imijiva yezobulungiswa. 

Umbiko wekhomishana kaZondo eyayiphenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso yidlanzana wakhomba uManyi njengomuntu owaba nesandla ekuqhubeni ukubanjwa kombuso ngobhongwane. UManyi uyawuphikisa lombiko.

Umbiko waveza ukuthi iNew Age, okuyinkampani yabezindaba eyayiphethwe izelamani zakwaGupta, yayihlomula amathenda kaHulumeni abalelwa ku-R32 million. 

Lombiko wagqamisa ukuthi iGovernment Communication and Information System (GCIS) eyayiholwa uManyi eyisikhulu esiphezulu, yayinikeza iThe New Age amathenda ngendlela engenabo ubulungiswa.

UManyi uthi uZondo ungusopolitiki obefihle ikhanda kwezepolitiki. 

“Angifuni ukuqamba amanga. Angeke ngimkhumbule losopolitiki obecashe kwezobulungiswa. UZondo ubehlonishwa ngesikhathi ethatha isikhundla. Ubesekwa yizwe lonkana, besimethemba ukuthi uzoba nobulungiswa. Izinto zonakale kwikhomishana ebiphenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso, wakhombisa ukuchema.  

“Ngajeziswa ngoba ngisekhoneni likaZuma, yingakho angikhomba njengomuntu owayenesandla ekuqhubeni inkohlakalo. Ngangizokwenza kanjani lokho ekubeni nencwadi yami efungelwe iyabonakalisa ukuthi isimo sezimali sasingavumi? Ngisaphatheke kabi namanje. Kwakufanele asilethele ubulungiswa. UZondo ungcolise igama lami, angeke ngimxolele ngalokho,” kuchaza uManyi.

UManyi uthi ujabula kakhulu ngoba uZondo usebeka phambi imijiva unomphela. 

“Ngiyajabula ngoba eseshiya. Kuyabonakala ukuthi besingamfanele isikhundla noma ebephakanyiswe yi-ANC. UZuma wancishwa ithuba lokuziphendulela imibuzo eyayibuziwe kwikhomishana. 

“Ikhomishana yahluleka ukukhombisa ukuthi umbuso wawugwamandwa yidlanzana njengoba kwakulotshwe kumbiko kaThuli Madonsela ngokubanjwa kombuso ngobhongwane,” kusho uManyi.

IJaji uMandisa Maya, uzothatha izintambo kuZondo. 

UManyi usishayela ihlombe isinqumo sokubekwa kukaMaya akholwa ukuthi kwakufanele anikezwe izintambo eminyakeni emibili edlule. 

“UMaya akanazo izigigaba, ufana noZondo esaqala esikhundleni. UZondo wayengangcolile, ushaye udaka eseqhoqhobele isihlalo.

“Sizomhlonipha uMaya njengoba samhlonipha noZondo. Sizomeseka ngokugcwele, angeke simgxeke singakaboni lutho olubi. Siyacela ukuthi asebenzise ubulungiswa, angachemi uma eseqale esihlalweni esisha,” kubeka uManyi.