Iqembu eliphikisayo kuleli i-Economic Freedom Fighters (EFF) lisole amaphoyisa ngokuziphathisa okwemigulukudu ngendlela abophe ngayo ummeli wabasolwa abane ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, u-Adv Teffo Malesela ngoLwesine ntambama.

UTeffo ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela enkantolo enkulu okuqulwa kuyo icala ngencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe okuthiwa yakhishwa ngoJanuary nonyaka.

Esitatimendeni esishicilele ngoLwesihlanu, i-EFF isole iSAPS ngokuzama ukuhlaza uTeffo emphakathini ngabomu.

“Basebenzise amandla singekho isidingo futhi bebezama ukumhlaza emphakathini. ITactical Response Team yeSAPS ibophe uTeffo isanda kuguqa inkantolo kuqulwa icala lokubalawa kukaMeyiwa. Okusikhathazayo ukuthi incwadi egunyaza ukumbopha yakhishwa ngoJanuary 2022, kodwa amaphoyisa alinde isikhathi esibucayi njengalesi ukumbopha, okudala ukukhathazeke ngecala eselidonse iminyaka engaphezulu kweyisikhombisa” kusho i-EFF esitatimendeni.

Uthe amaphoyisa awawulandela umthetho wakuleli ngendlela abophe ngayo uTeffo futhi adelele nenkantolo. I-EFF ngoLwesihlanu ithe ifuna siphenywe isenzo samaphoyisa.

Khonamanjalo, isigungu sabameli kuleli iGeneral Council of the Bar South Africa (GCB) ngoLwesihlanu nayo izwakalise ukukhathazeka ngokuboshwa kukaTeffo.

“Kunzima ukucabanga ukuthi yini engadala ukuthi ummeli aboshelwe enkantolo enkulu aze agache ngozankosi kuqhubeka icala likaMeyiwa kubuka abantu, enza umsebenzi wakhe wokumela abasolwa. Ngeke kube wukuthi uTeffo ubezonqaba ukuzizela esiteshini samaphoyisa uma kukhona asolwa ngakho.”

IGCB ithe icela incazelo kukhomishana wamaphoyisa ngendlela okuboshwa ngayo uTeffo.

Engxoxweni neNewzroom Afrika izolo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele uthe naye elinde umbiko kaKhomishana wamaphoyisa ngokuboshwa kukaTeffo.