Ummeli wabasolwa abane acaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, u-Adv Malesela Teffo, oboshiwe izolo kuthiwa usesimeni esikahle kulandela ukuboshwa izolo enkantolo obekuqulwa kuyo icala. UTeffo uchithe ubusuku ezitokisini ejele laseGoli, okwamanje akukacaci ukuthi uzovela nini enkantolo ngecala asolwa ngalo, kodwa abameli bakhe bathi uzocacisa konke maduze esithangamini nabezindaba.
“Uyaphila kade ngiyombheka namhlanje ekueni. Selokhe ngimbonile ezintatha ngo-1 ekuseni, ubekahle,” kusho uTshepo Thobane okuwummeli abambisene naye ecaleni likaMeyiwa ekhuluma ne-eNCA eHillbrow.
Kusuke umsindo izolo enkantolo ngesikhathi kuboshwa uTeffo, kanti nasezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi basigxekile lesi senzo bebuza ukuthi kungani eboshwe sekuqulwa icala abanye bebuza ukuthi amaphoyisa agunyazwe wubani ukungena enkantolo ezobopha umuntu. Okuxake abaningi wukuthi uTeffo akaze afundelwe ngisho amalungelo akhe ngesikhathi eboshwa, bavele bamtshela ukuthi angaqophisani namaphoyisa bamgaxa ozankosi.
UThobane uthe namanje basalinde imininingwane egcwele ngecala aboshwe lona uTeffo kodwa abakayitholi idokhethi yecala. Kuthiwa uTeffo uboshelwe ukungena endaweni ethile ngokungemthetho, okuyicala elingahlobene nelikaMeyiwa. Uthe bazosiphikisa isinqumo sokuboshwa kwakhe kwenye inkantolo.
“Ukuboshwa kwakhe ngeke kuliphazamise icala.”
Ngesikhathi eboshwa uTeffo usole uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele ngokuba yisandla sesithathu ekuboshweni kwakhe.
Engxoxweni neSABC ezinyangeni ezine ezidlule Teffo waveza ukuthi kunemizamo yokumfaka ezikhindini njengoba ethathe umsebenzi wokumela abasolwa ngokubulala uMeyiwa.