Kuphuthunyiswe abagibeli abangu-9 esibhedlela ngemuva kwengozi yebhasi ebelithwele izihambeli zomshado ezibalelwa ku-78.
Ingozi yenzeke emgwaqeni uN2 eduzane kwaseSalt Rock, okungumgwaqo obheke kwaNongoma.
Abezimo eziphuthumayo badalule ukuthi abagibeli abahlanu basesimeni esibucayi esibhedlela, ababili balimele kakhulu.
Kutheleke inqwaba yabasebenzi bezimo eziphuthumayo ngenxa yobucayi bengozi.
Indawo yesigameko ivakashelwe abakwa-ALS Paramedics Medical Services, IPSS Medical Rescue, Taurus EMS Medics, EMRS, KDM Fire, ithimba lezomgwaqo elisebenzela duzane nendawo yesigameko kanye namaphoyisa.
Bonke abagibeli abalimalile bahlengwe endaweni yesigameko baphuthunyiswa ezibhedlela eziseduzane.
Okhulumela abe-IPSS Medical Rescue uDylan Meyrick utshele abeNorth Courier ukuthi Abezimo eziphuthumayo basebenze ngokuzikhandla ukuze basindise umgibeli otholakale esesimeni esibucayi ecindezeleke ngaphansi kwebhasi. AbeKDM Fire bahlenge lomgibeli ngaphansi kwebhasi.
“Ibhasi belisuka eMzimkhulu libheke kwaNongoma lithwele abagibeli abangu-78 ngesikhathi lishayisa odongeni oluqondisa ukuhamba kwezimoto ngase-Umhlali River Bridge. Ligingqike ngalesi sikhathi,” kusho uMeyrick.
Indawo yengozi isilungiswe, amaphoyisa omgwaqo namaphoyisa basaphenya. Akukaziwa ukuthi ingozi idalwe yini.