Umholi we-EFF eGoli uMbuyiseni Ndlozi uthi owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma kumele adedele abanye kwezombusazwe ngoba useke walithola ithuba lokuhola izwe.

UNdlozi, oyiPremier Candidate ye-EFF eGauteng, ubeke kanje ekhuluma nabalandeli baleli qembu ngeSonto njengoba amaqembu ezepolitiki eqhubeka nokukhankasela ukhetho olungo-29 May.

I-EFF inobudlelwano obungacaci noZuma njengoba iyingxenye yamaqembu ayemuphilisa kabuhlungu ePhalamende. Bagcina bethelelene amanzi ngo-2021 ngesikhathi bemuvakashela eNkandla, kodwa kubukeka sebuvukile ubutha njengoba uZuma esengenele ukhetho ngeMK Party.

“Nxamalala, hamba uyekhaya uyophumula. Ulitholile ithuba. Zuma, ube nethuba lokuba kuhulumeni iminyaka ewu-20. Ube wumengameli, waba yiphini likamengameli, waba wungqongqoshe…yini uZuma azoyenza manje angayenzanga ngesikhathi esawumengameli?” usho kanje.

Nomholi we-EFF uMnuz Julius Malema umgudlile uZuma ngempelasonto. Ngenyanga edlule uMalema ugxeke isinqumo se-IEC sokuphonsela inselelo isinqumo se-Electoral Court sokuthi uZuma engalungenela ukhetho, ethi ukungena bephume ezinkantolo noZuma kumaketha iMK Party mahhala.

Abahlaziyi abaningi bezepolitiki bathi iMK izodla abavoti kwi-ANC, IFP, EFF, DA nakwamanye amaqembu amancane eKZN.