Umculi waseThekwini, uLuke Ntombela, usenikezwe izinsuku eziyisikhombisa ukuthi ahoxise konke akusho ngoDJ Tira oKhozini nasezinkundleni zokuxhumana, kungenjalo uzobhekana nabomthetho.

Ngokwencwadi ephanyekwe uTira ezinkundleni zokuxhumana, abameli bakhe bayalele uLuke ukuthi abuyele oKhozini ayohoxisa konke akusho ngaye okudicilela isithunzi sakhe.

“Okushoyo nge-client lethu ezinkundleni zokuxhumana kudala umonakalo omkhulu kuye nasemlandweni wakhe,” kusho incwadi yeKhathi & Mkhize Attorneys.

“Uphinde waya oKhozini wayosho izinto ezinzima ezingamanga. Kusicacele ngemuva kwengxoxo yakho naboKhozi ukuthi izinsolo zakho azinamqondo, kunalokho zigcwele inzondo nokuzama ukufuna imvalamlomo ngezizathu ezingaziwa.

“Siyakuyalela ukuba uyeke ukusho okushoyo okungelona iqiniso nge-client lethu. Sifuna ukususe konke okufake ezinkundleni zokuxhumana ngaye.

“Kumele ubuyele futhi emsakazweni uyohoxisa konke owakusho, uphinde uxolise.”

ULuke unikezwe izinsuku eziyisikhombisa ukuthi akwenze lokhu, kungenjalo uzobhekana nengalo yomthetho.