Uhulumeni waseNigeria uhlela ukuqinisa imithetho elwa nokukhiqizwa kanye nokudayiswa kwezidakamizwa njengoba sekuphakanyiswe ukuthi kufakwe nesigwebo sentambo kwabagwetshwa ngalawa macala.

Ukuchitshiyelwa komthetho, okungakafakwa emthethweni, kuzobeka isigwebo sentambo njengesigwebo esinzima kunazo zonke ongasithola uma ubanjwa ukhiqiza noma udayisa izidakamizwa eNigeria.

INigeria, enabantu abangaphezulu kuka-200 million, isuke ekubeni yindawo okudlula kuyo izidakamizwa ezingekho emthethweni, yaba yindawo yokuzikhiqiza nokuzisabalalisa.

Ibhekene nenkinga ye-opiod abuse, ikakhulukazi ukusetshenziswa kwe-tramadol nemithi yomkhuhlane ene-codeine.

Insangu ikhiqizelwa khona eNigeria, kodwa ezinye izidakamizwa okubalwa kuzo icocaine ne-meth, zingena ngapha nangapha kulelizwe ngoba abathengi baningi.