Amaphoyisa aphenya amacala okubulala nokuzama ukubulala kulandela isigameko sokubulawa kwabesifazane abathathu ngoLwesithathu ebusuku eMlazi kwa-L.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe abasolwa bagasele lapho kade kukhona khona labesifazane badedela inhlamvu kwalimala nezingane ezimbili ebezisendlini, ngoLwesithathu ebusuku ngabo 20:30. 

“Abasolwa bagasele lapho kade kukhona laba besifazane abathathu abaneminyaka ephakathi kuka 30 no40 badubula, kwalimala izingane ezimbili eneminyaka emihlanu nenezinyanga eziyisithupha,” kuchaza uLt Colonel Gwala.

Eqhuba uthe izingane ezimbili ziphuthunyiswe esibhedlela. 

“Isiteshi samaphoyisa iBhekithemba siphenya amacala okubulala, nawokuzama ukubulala,” kusho uLieutenant Colonel Gwala.