Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, ujabule ngendlela adlale ngayo umgadli omusha waMakhosi uChristian Saile Basomboli.

USaile ube nesandla kwigoli lesibili elivalelwe wu-Ashley Du Preez iChiefs iginqa iRoyal AM ngo 2-0 izolo ePeter Mokaba Stadium.

Bekungokokuqala iChiefs inqoba umdlalo ngo-2023 njengoba ibisishaywe kathathu kulandelana, futhi ibiqala ukushaya iThwihli Thwahla.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uZwane uncome umfutho ofike noSaile enkundleni.

“Usinikeze omunye umfutho ebesiwudinga, besibaqonda ngqo, sibancisha nesikhala sokudlala enkundleni. Besazi zizoyinqoba impi yasesiswini,” kusho uZwane ekhuluma neSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Besidinga ukuqinisa indlela ebesihlasela ngayo. Ungene nalokho enkundleni uSaile. Siwuqale kabi unyaka hhayi ngoba besidlala kabi kodwa besinenking yokuhluleka ukuvalela amagoli. Namhlanje sikwazile ukuvalela amagoli, savala nasemuva. Basebenzile abafana, bazinikelile enkundleni.”

UZwane ukhathazekile ngokulinyalelwa wuReeve Frosler noDillan Solomons obe nomdlalo omuhle izolo.