Zingase ziphazamiseke izinhlelo zeKaizer Chiefs ethimbeni labaqeqeshi njengoba sekuvele iqembu laseMorocco okuthiwa lifuna oyedwa wabaqeqeshi abasha basePhefeni.
Ngokwemibiko evela eNorth Africa, iFath Union Sport, iFUS Rabata, ifuna oyedwa wabaqeqeshi abaqashelwe ukusiza uNesraddine Nabi kwiChiefs ngesizini ezayo.
Kubikwa ukuthi leli qembu limfuna kabi uFernando Da Cruz kulandela ukulahlekelwa wuJamal Sellami, oseqashwe yizwe iJordan.
Ngaphandle kukaDa Cruz, uFUS ibala no-Issam Al-Sharai kubaqeqeshi ebafunayo kodwa ngathi incike kakhulu kuDa Cruz.
Ngokombiko kaMicky Jnr, intatheli elandela izindaba zeCAF namaqembu ebhola e-Africa, uDa Cruz useMorocco njengamanje ukuze ezwe ukuthi leli qembu lifuna ukuthini kuye.