Noma kushayelwa ihlombe ukungabibikho kweload shedding ezinyangeni ezidlule, ungqongqoshe kagesi kuleli uKgosientsho Ramokgopa usephumele obala ngenkinga yokuhamba kukagesi kwezinye izindawo.

URamokgopa uveze lokhu ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko ePretoria lapho abencoma khona ukuthi okuningi bayakulungisa ezinkingeni ebezibhekene nezwe kugesi.

“Sibhekene nenkinga entsha manje. Inkinga engake ngaxwayisa ngayo phambilini. Inkinga esibhekene nayo eyokuhamba kukagesi ezindaweni ezihlukene…kuzokhumbuleka ukuthi ugesi ubuhamba ngohlelo lweload shedding ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu uyawuthola ugesi.

“Manje sesibhekene nenkinga yokuhamba kukagesi ngenxa yezinkinga ezibhekene nomasipala, ezidalwa yizizathu ezihlukene njengokungafakwa kwemali yokuqinisekisa ukuthi inqalasizinda kagesi iyathuthukiswa.

“Ngenxa yengcindezi omasipala abangaphansi kwayo, kunabantu abangcina sebengawutholi ugesi ngenxa yeload reduction eyenziwa omasipala. Iyona nkinga esibhekene nayo le kodwa sinaso isisombululo. Ngeke sisonge izandla nje.”