Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uncome abadlali bakhe ngokuphatha umdlalo noma igcine ibashayile i-Esperance Sportive de Tunis emlenzeni wokuqala wesemifinal yeCAF Champions League ngoMgqibelo.
ISundowns igcine ishaywe ngo 1-0 kulo mdlalo. Igoli le-Esperance livalelwe wuYan Sasse ngomzuzu ka-41. Isengcupheni yokuphuma kulo mqhudelwano eyagcina ukuwunqoba ngo-2016. URhulani nokho, uthi umdlalo bekungowabo.
“Ngokukhulu ukuzithoba ngicela ukuqala ngokubongela i-Esperance ngokunqoba umlenze wokuqala. Niyayibongela neMamelodi Sundowns ngoba ngiyazigqaja ngendlela esidlale ngayo,” kusho uMokwena.
“Ngicabanga ukuthi besinesibindi uma siphethe ibhola. Bekunezimo ezinzima esibhekane nazo ngoba besidlala neqembu elihle. Angicabangi kodwa ukuthi ngike ngawubuka umdlalo we-Esperance la ibingawuphethe khona umdlalo isekhaya. Angilikhumbuli iqembu elifike laphatha umdlalo enkundleni yayo njengathi.”
He has got the skills and the moves. 🕺#TotalEnergiesCAFCL | #ESTMSFC pic.twitter.com/N6HcotdG41
— TotalEnergiesCAFCL & TotalEnergiesCAFCC 🏆 (@CAFCLCC) April 20, 2024
ISundowns ne-Esperance bazobhekana emlenzeni wesibili ngesonto elizayo ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku.