Umqeqeshi we-Arsenal ohambe eBavaria enenhliziyo ebuhlungu ngenxa yesibhaxu seBayern uthi kungenzeka kubathathe iminyaka ukunqoba i-UEFA Champions League.
I-Arsenal namanje isalinde ukunqoba iChampions League okokuqala emlandweni yawo njengoba ihlale ishweba. Bekungokokuqala eminyakeni eyisikhombisa idlala kulo mqhudelwano kodwa abalandeli bayo nabanye abahlaziyi bese beyibala kumaqembu angase ayinqobe nonyaka.
“Abadlali baphatheke kabi. Angazi nokuthi ngithini kubona ukuze ngibavuselele. Kumele sikuzwe lokhu kuphoxeka.
❗️🏴 Eric Dier: “It was nice to knock Arsenal out, to be honest”.pic.twitter.com/mVS2VFKYqV
— Fabrizio Romano (@FabrizioRomano) April 18, 2024
“Sizamile sibhekene neqembu elinamava, kuncane okubenze basishaye. Senze iphutha sigqisha abadlali emuva, kwangena igoli.
“Sekuneminyaka eyisikhombisa iqembu lingadlali kwiChampions League, onyakeni wokuqala sibuyile abalandeli bafuna ukusibona kuma semi-final okungenani. Sonke siyakufisa lokho kodwa niyabona manje ukuthi kungani amanye amaqembu kuwathatha iminyaka eyisithupha noma eyisikhombisa ukufinyelela kulesi sigaba.”
I-Arsenal isangazama ukunqoba isicoco sePremier League kodwa amathuba alokho asenciphile njengoba iMan City nayo ikhishiwe kwiChampions League.