Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs uCavin Johnson namanje usakhala ngokugeja kwabadlali bakhe asebehluleke ukuvalela ibhola enethini emdlalweni emine edlule.

Yehlele kunombolo 10 kwi-log yeDStv Premiership kulandela ukushaywa umphumela ewuthole eThekwini izolo ibhekene neRichards Bay FC.

IChiefs kule sizini isakore amagoli awu-19 emdlalweni engu-24. Okusho ukuthi isikhathi esiningi abalandeli bayo baya enkundleni bazi ukuthi ngeke ikore, uma ikorile mhlawumbe liba linye.

UJohnson umunwe akafuni ukuwukhomba kubadlali nokho.

“Sonke kumele sizinuke amakhwapha. Nami mhlawumbe kumele ngishintshe izinto. Kuqala kumina. Kumele senze okuhlukile ukuqinisekia ukuthi abadlali bahlale besendaweni efanele, nasesimeni esikahle somqondo,” usho kanje.

“Uma ubuka esikwenza uma siziqeqesha…ikona okuholela ekutheni ngiqoke abadlali abaqalayo. Kodwa uma usubuka isibalo samashodi, simshayele kawu-14 unozinti, kumele ngabe sivalele amagoli amabili okungenanI.”

Nabaqeqeshi ababili abadlule beChiefs bahamba becula leli culo ngokugeja kweqembu. UZwane kwase kwaziwa ukuthi njalo ngemuva komdlalo uzothi ‘bekumele sikore amagoli amane noma amahlanu kulo mdlalo” – kubukeka kuyisifo esingakalapheki.