Umqeqeshi omusha weMC Alger engompetha base-Algeria, uRulani Mokwena, uthi bese kusele kancane athathe isinqumo sokuhlaba ikhefu isizini yonke ngesikhathi ethola umsebenzi kuleli qembu.

UMokwena, ohlukane neWydad Athletic Club ekupheleni kwesizini edlule, ubesehlale izinyanga ezimbili ethungatha umsebenzi ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi usehlukene neWydad.

Uke wakhonjwa kwi-Orlando Pirates, Zamalek SC, kanye nakompetha beCAF Champions League iPyramids FC.

Nokho ugcine evumbuke e-Algeria, kwiqembu okulindeleke ukuthi lizame ukulwela isicoco seChampions League ngesizini ezayo ngemuva kokukhishwa yiPirates kuma quarterfinal ngesizini edlule.

UMokwena ube nengxoxo no-Andile Ncube kwiSports Night Amplified, lapho aveze khona okumenze wanquma ukujoyina leli qembu.

“Leli qembu sinombono owodwa nalo uma ngikhuluma ngengifisa ukukuzuza ebholeni,” kusho uMokwena osayine inkontileka yeminyaka emibili kwiMC Alger.

“Ngemuva kokusebenza kwiWydad ngihlale phansi ne-agent yami sahlaziya yonke into. Sibuke amaphutha ami, sabuka amaphutha akhe, sabuka namaphutha eqembu ngoba ngokubona kwethu bekufanele sinqobe kwiWydad, kodwa asiwinanga lutho.

“Ngemuva kokuhlala phansi ke sibuke izinto engisafuna ukuzizuza, leli qembu lingena khaxa kulokho.

“Yiqembu elidlala kwiChampions League eliphethe abanye babadlali abaphambili, yiqembu elikuthandayo ukuqhudelana namanye ezingeni eliphezulu.

“Linabalandeli abamangalisayo abalandela iqembu. Bayalithanda kakhulu iqembu labo.

“Umengameli weqembu nabanye abaholi esengikhulume nabo abantu abahle…bengifuna ukuziphonsela inselelo ngokuya komunye umsebenzi onzima.

“Ngesikhathi bengicela ukuthi ngijoyine, kwase kusele kancane nginqume ukuhlaba ikhefu, ngihlale phansi isizini yonke, mhlawumbe ngivakashele amanye amazwe kancane.”