Umqeqeshi weMamelodi Sundowns usebenzise isiNgisi esidume kuSteve Komphela echaza ngakusho kubadlali ngesikhathi kuyiwa ekhefini belandela ngemuva kwiMarumo Gallants emdlalweni wayizolo.
ISundowns igcine ilifake induku ka 3-1 iqembu likaDan Malesela, okwenza kubukeka sengathi bekuwumdlalo olula kodwa isebenze kanzima ukuze iphume phambili.
“Ngesikhathi sisekhefini ngibatshele into elula ecacile – asishintshi lutho. Ngithe abaqhubeke ngendlela abadlala ngayo,” kusho yena.
“Bengazi kungase kuphakame imimoya kulo mdlalo, bekubalulekile ukuthi sizame ukugxila emsebenzini wethu nesihlose ukukwenza enkundleni. Ngemuva kwegoli lokulunganisa umdlalo sishintshile kancane ngoba besizama ukuthola igoli lesibili,” kusho lo mqeqeshi.
Uqhube wenza umzekelo owuthi awufane neyenziwa wuSteve Komphela uma ekhuluma nabezindaba.
“Ngithe isipikili singaba sikhulu, kodwa sizobhekana nembazo enamandla sigcine singenile okhunini, sakwenza lokho. Angikungabazi ukuthi kusifanele ukunqoba.
ISundowns izobhekana neTS Galaxy ngoMgqibelo emdlalweni wamagqubu njengoba iThe Rockets igcine iyifake induku.