Iqembu laseZimbabwe, iChicken Inn, selikuqinisekisile ukuthi seluxazululiwe udaba lwabo neKaizer Chiefs oluthinta ukudayiswa kukaTeenage Hadebe ngo-2019.
Ngokombiko weFar Post, inkinga ibingekho kwiChiefs kodwa iqembu laseTurkey elamthenga (iMalatyaspor) okwakumele ikhokhe u-$13 000 (R233 600) ngemuva kokumsayinisa, kwagcina sekugaxela Amakhosi.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi iChiefs isiyikhokhile le mali. Yiqembu laseTurkey elibambezele lokhu…selulungisiwe udaba.” kusho unobhala weChicken Inn uTavengwa Hara.
IChiefs izolo ishicilele isitatimende ichitha imibiko yokuthi kukhona imali eyayithola kwiMalatyspor, kodwa ayikuchithanga ukuthi iFIFA ibisibanqumele ugwayi katiki kulolu daba uma bengakhokhi. IFIFA ibithe izojezisa iChiefs ngokuyivala iminyaka emithathu ekusayiniseni abadlali uma ihlukela ukukhokha.