Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso akafuni bayizele ngobuso iRemo Stars abazobhekana nayo namhlanje koweCAF Champions League ngoba iyiqembu elinzima.
ISundowns neRemo Stars bazobhekana namhlanje namhlanje ngo-17:00 e-Abiola International Stadium, eNigeria.
Ekhuluma nabezindaba ngaphambi kwallo mdlalo uCardoso uthe akafuni ukubona abadlali bakhe bezithela ngabandayo kulo mdlalo ngoba bengazithola sebebhekene nomphumela abangawufuni.
“Kufanele siqine kakhulu ukuze sishaye iRemo Stars. Uma sizoya kulo mdlalo sibuka ukuthi sidlale kowamanqamu weChampions League ngesizini edlule, kuzoba lula, ngabe senza iphutha elikhulu,” kusho yena.
“Angizwani nokucabanga ngaleyo ndlela. Sizodlala umlenze wokuqala. Kuzoba nzima. Siyazi leli qembu lingasilimaza. Siyazi wonke umdlali weRemo Stars unephupho.
“Kufanele sidlale ezingeni esaziwa ngalo, sigxile emsebenzini okufanele siwenze.
“Uma sifuna ukudlala kwiChampions League kufanele sidlale kahle kule midlalo emibili. Kungenjalo singazithola sisenkingeni.”