Londiwe Mthethwa

Ugixabezwe ngodilikajele abahlanu neminyaka eyisithupha ngaphezulu owesilisa olahlwe ngamacala ayisikhombisa okukhona kuwona awokudlwengula izingane zakhe ezimbili nokubulala unina wazo.

Ummangalelwa, obethweswe amacala okudlwengula, elokubulala, elokuzama ukubulala nelokushaya, ugwetshwe ngoLwesibili enkantolo enkulu yaseThekwini.

Kubikwa ukuthi lo mlisa waba nengxabano nengoduso yakhe ngosuku ayibulala ngayo, kubangwa isikhathi eyabuya ngaso emsebenzini. Lokhu kwenzeka phakathi kwamabili ngoiMeyi 11, 2022.

Kusolakla ukuthi wayenga ingoduso yakhe ngokuthi ayibizele ehlathini elingaphandle komuzi wabo, lapho afike ayishaya khona ngokuthile ephindelele yaze yafa.

“Emuva kwalokho wabaleka endaweni yesigameko, wabizela ngaphandle enye yamadodakazi akhe waya nayo ehlathini lapho afike wayidlwengula khona. Emuva kwalokhio wayishaya, wakhipha ummese wazama ukuyigwaza kodwa wehluleka. Indodakazi yaphunyuka yabalekela endlini,” kuchaza umbuso enkantolo ngeledlule.

Enye indodakazi yagcina icele usizo isebenzisa uWhatsApp kumalungu omndeni, okwathi uma efika umsolwa wadla phansi,

Enye indodakazi yakwazi ukucela usizo ngo WhatsApp emalungwini omndeni okwathi myefika umsolwa
wabaleka. Isidumbu esasimboziwe sengoduso yakhe satholwa kwavulwa icala lokubulala ngokushesha.
Emuva kwesikhathi eside efunwa enyamalele umsolwa, waboshwa elokishini lase Illovu lapho
ayesezenza khona umuntu wesifazane.

Uvele kaningi enkantolo yemantshi yasePinetown ngaphambi kokuthi udaba ludluliselwe enkantolo
ethekwini ukuze liqulwe.

Ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ushayele ihlombe ithimba ebeliphenya loludaba laphinde laqinisekisa ukuthi umdlwenguli ongumbulali uyasuswa emphakathini.
“Sigqugquzela nabaphenyi bethu ukuba baqhubeke nomsebenzi omuhle wokuqinisekisa ukuthi bonke
abanukubeza ngokocansi bathola izigwebo ezinde,” kusho uMkhwanazi.