Inhlangano eyengamele ukhetho kuleli i-IEC ichithe isicelo esifakwe wumsunguli weMK Party, uJabulani Khumalo, sokususa uMnuz Jacob Zuma lwabazovotelwa okhethweni ngo-29 May.

UKhumalo ubhalele i-IEC kulandela ukumiswa kwakhe kwiMK Party ecela ukuthi akhishwe uZuma ngezizathu zokuthi uwumholi ngokungemthetho futhi ukuxoshwe ngendlela engekho emthethweni.

I-IEC nokho isichithile isicelo sakhe.

“Ikhomishini ayizibandakanyi ezindabeni ezingaphakathi zamaqembu epolitiki.

“Ngaphezu kwalokho, ikhomishini isebenza kuphela ngokomyalelo womholi weqembu obhalisiwe.

“Kulesi simo uMnuz Jacob Zuma ungumholi obhalisiwe weMK kusukela mhlaka-10 ku-April 2024,” kusho i-IEC.

Ngenyanga edlule amalungu amahlanu eMK – uRay Khumalo, uBheki Manzini, uLebo Moepeng, uRochelle Davidson noKhumalo – axoshwa ngezizathu okubalwa kuzo “ukudicilela isithunzi” seqembu.

UKhumalo, usamile ekutheni usengumengameli weMK ohola isigungu esiphezulu sesikhashana.

Ngokombiko we-IOL, iMK ngoLwesibili ithe kunobumbano kubuholi beqembu.

“UZuma uyena msunguli weqembu wangempela, kusukela kwigama kuya kusuku lokwethulwa kwalo.”