Minenhle Zwane
Baqale imibhikisho kuleli sonto abanikazi bezindawo zokuzivocavocanabaqeqeshi ngokuvalwa kwamabhizinsi abo njengoba kusaqhubeka ukuvalwa kwamanye amabhizinisi ngaphansi kwemithetho kathaqa.
U-Agasti inyanga yesihlanu solokhe uMengameli wezwe uMhlonishwa uCyril Ramaphosa, amisa ukusebenza emabhizinini amaningi ngenhloso yokugwema ukubhebhetheka kwegciwane iCovid-19. Abaphathi bale mboni eqasha abantu ababalelwa ku-29 000 bathi uthaqa ubaphuce isinkwa sangemihla njengoba bengasayenzi inzunzo.
UGrant Austin, weFits SA, udalule ukuthi babelelwa ku-31% abasebenzi asebephelelwe wumsebenzi kanti kulindeleke ukuthi kudilizwe omunye u-14% uma uHulumeni eqhubeka nokubanqabela ukuba bavule njengezinye izinkampani.
“Izindawo zokujima ezibalelwa ku 48% zikhombisa ukuthi ngeke zisaphinde zikwazi ukubuyela esemeni esejwayekile uma kungavulwa manje, futhi siphinde senza inhlolovo ekhombise ngokusobala ukuthi u-88% wabantu uzizwa uphephile ejimini kunase dolobheni.
Uqhube wathi u-82 % udalule ukuthi bazobuyela ejimini uma bevulwa njengoba abantu sebebonile indima edlalwa ukuzilolonga.
UZakhe Mdunge, ongumqeqeshi eVirgin Active, uveze ukuthi uhulumeni ukhombise ukungabacabangeli njengaba ebenzi balemboni. Le nkampani inciphise umholo wabasebenzi ngo-75% ukugwema ukuxoshga abasebenzi.
“Kunzima ngoba nathi imali ebesiyihola besondla ngayo imindeni yethu sesiside isikhathi silindile ukuthi uzosibuyusela emsebenzini njengezinye izinkampani ingakho sesize sathatha isinqumo sokwenza lo mbhikisho’’
UBuyisile Nkwanyana, ongomunye wabantu ababezilolonga ePlanet fitness, uveze ukuthi njengoba kuneCoronavirus ezweni kumele ngabe uhulumeni uyabavumela ukuthi baye ejimini ukuze imizimba yabo iqine ikwazi ukumelana naleli gciwane uma kwenzeka behaqeka.