PHUMELELE NXUMALO
UGQUGQUZELA ukuzimisela nokungaliphonsi ithawula uPhumla Nkonyeni (34) osekufezeke iphupho lakhe lokufundela ukuqhuba izindiza ngemva kokudlula kwizinselelo eziningi empilweni.
UPhumla ongowokudabuka ePort Shepstone endaweni yaKwaNzimakwe, uthe wakhulela ekhaya elentulayo kakhulu, umama wakhe esebenza emakhishini uyise engasebenzi. Uthe ukhule abazali bakhe bedayisa utshwala besintu ukuze bakhulise yena nabantwana bakubo abangu-7.
“Ngaqala ukugada izingane ngineminyaka engu-12 ukuze ngibe nemadlana. Uma kuvalwe izikole bengibamba namatoho emajalidini. Emdenini wami besihlupheka uma kuza ngasezimalini kodwa uma kuza ngasemphefumulweni besinothile kakhulu ngoba sikhulele ekhaya elinothando,” kusho uPhumla.
Uthe ukuthola umntwana eneminyaka engu-16 kwamthikameza kakhulu ezifundweni.
“Ngamthola ngisemncane kakhulu umntwana nesimo sasekhaya singavumi ukuthi kungaba khona omunye umuntu. Ngebhadi angilitholanga ithuba lokuya enyuvesi ngoba ngalifeyila ibanga leshumi ngathi noma ngilungisa izifundo zami ngaphinda ngafeyila futhi ngenxa yokuthikanyezwa wukuba nengane encane. Ngemva kokufeyila okwesibili ngabe sengiya esikoleni sokuchibiyela (finishing school) lapho engawuphothulela khona umatikuletsheni,” kusho yena.
Uthe njengamanje ungumfundi ePietermaritzburg Aero Club & Flight School lapho afundela khona ukuqhuba izindiza kanti uhlose ukuqhuba izindiza ezizimele.
“Okwamanje ngisagxile ekutholeni isitifiketi sami ukuze ngibe ngumqhubi wezindiza ezizimele. Angeke ngiwaqhube amabhanoyi amakhulu okwamanje kodwa ngizobona ngokuqhubeka kwesikhathi ukuthi unkulunkulu ulibekeleni ikusasa lami. Ngiyazi ukuthi unkulunkulu ungihlelele lukhulu,” kuqhuba yena.
Le ntokazi ayifundeli kuphela ukuqhuba izindiza kodwa iphinde ibe nebhizinisi lokuhlela imishado, ukuphekela imicimbi kanye nokuhlobisa emicimbini.