Umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane uncome abadlali bakhe basemuva nonozinti bebuya namaphuzu amathathu emdlalweni wabo nePolokwane City izolo.

AmaZulu anqobe ngo 1-0 ngegoli elivalelwe wuThapelo Matlhoko ngomzuzu ka 87. Ngaphambi komdlalo wayizolo Usuthu lwalugcine ukushaya iPolokwane City ekuhambeni ngo-2020.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uZwane uthe bekuyingxenye yamaqhinga abo ukugqisha emuva bese beyihlasela ngokuzuma iRise n Shine. Uthe bebefuna amaphuzu amathathu, hhayi okunye.

“Iyonanto ebesiyizele la, amaphuzu amathathu, kodwa besazi kuzofanele sizikhandle ngoba akulula ukubhekana neqembu elifana nePolokwane City ngakhoke ngiyababongela abadlali bami,” kusho yena engxoxweni neSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Bayiqembu eliyingozi uma behlasela. Sisizwe wunozinti. Uma ubanikeza isikhathi ebholeni bayingozi. Kudingeke ukuthi sibeke abadlali abahlanu emuva ukuze siqinisekise ukuthi abazitholi izikhala zokudlala.

“Esiwombeni sisibili besibhekene nomoya, besidinga ukuqinisekisa ukuthi sigqisha abadlali phambi kwepali ukuze bengangeni kalula kodwa likhona ithuba elilodwa abalitholile.

“Ngesikhathi sekuyophela umdlali besazi sebephelelwa wumfutho, senza izinguquko ngoba nathi abanye abadlali bethu bese bekhathele. Ngikholwa ukuthi abanye abadlali abangene kulo mdlalo bebengenza kangcono.”

UMangethe uthe njengoba sebezibeke ethubeni lokuqeda kwitop 3 sekuwumsebenzi wabo ukuveza ukuthi bangakwazi ukuhlala endaweni abakuyo, kodwa uthi ngeke kube lula.