Umgadli weTS Galaxy uSamir Nurkovic uthi angeke azifakele ingcindezi yokunqoba iCarling Knockout kulempelasonto yize ukuqukula indondo yokuqala eNingizimu Afrika kungaba yimpumelelo enkulu kuye.
UNurkovic ungomunye wabadlali abasatshwayo kwiGalaxy ezobhekana neStellenbosch FC kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo (3pm).
UNurkovic uhlale isizini yonke engalithinti ibhola ngesizini ka-2022/23. Lomgadli uchithwe kwiRoyal AM esahlale izinyanga ezintathu, kwaphela kanjalo ngesizini yakhe.
UNurkovic, owafika eNingizimu Afrika ngo-2019 ezosayina kwiKaizer Chiefs, unethuba lokunqoba indebe yakhe yokuqala kuPSL. Lomgadli waphunyukwa yisicoco seligi ngosuku lokugcina ngo-2020 esadlala kwiChiefs.
“Angikaze nginqobe indebe ngaphambilini, angizami ukuzifakela ingcindezi yokuzama ukuphakamisa isicoco. Kubalulekile ukuthi ngiqhubeke nokuzikhandla ejimini, ngingazinaki izinto eziningi.
Ngiyazikhandla uma ngithola ithuba. Silandela yonke imiyalelo kamqeqeshi (Sead Ramovic). Sizoyinqoba lendebe uma lokho kudaliwe, kufanele sizikhandle ukuze sizoba nethuba,” kuchaza uNurkovic ekhuluma nabezindaba.
UNurkovic (31) ujwayele ukungena esiwombeni sesibili esuka ebhentshini. Lomdlali uxinwe ukulimala isikhathi eside, okungaba yisizathu esenza uRamovic angafuni ukumqalisa imidlalo.
UNurkovic uthi akanankinga nokuqala imidlalo esebhentshini, inqobo nje uma kusizakala iqembu.
“Indaba yesikimu isezandleni zikamqeqeshi. Abadlali bayazikhandla ejimini, ikakhulukazi abanye abagadli. Ngihlale isikhathi eside ngingadlali, kuyadingeka kunakisiswe imizuzu engiyidlalalayo.
Ngihlezi ngikucijele ukungena esiwombeni sesibili noma ngizowuqaliswa umdlalo. Ngizibekela umgomo wokushaya igoli, ngiwinise iqembu. Akukhathalekile ukuthi ngiyawuqala umdlalo noma ngingena esiwombeni sesibili.
Ngiyajabula ngokubona iqembu lifinyelela kowamanqamu ngoba ngashaya negoli. Kuyinto enkulu kwiGalaxy ngoba ilwela ukunqoba izindebe futhi inabadlali abasezingeni,” kuchaza uNurkovic.