Uzwakala eselilahlile ithawula ngamathuba okudlulela esigabeni esilandelayo kwiCAF Confederations Cup umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt ovuma ukuthi iyashisa insimbi kulomqhudelwano. 

AmaTsatsantsa A Pitori asesondele emnyango wokuphuma kulo mqhudelwano ngemuva kokuthelwa ngenduku eLibya ngeSonto. 

ISuperSport ihlulwe ngo 2-1 ibhekene ne-Al Hilal Benghazi, yehlela endaweni yokugcina eqoqweni layo. EzikaHunt sezihlulwe emidlalweni emithathu esidlaliwe. 

“Sithole inqwaba yamathuba kodwa sahluleka ukushaya amagoli. Angijabule ngendlela okuhlelwe ngayo umdlalo kodwa angifuni kubukeke sengathi ngiyakhalaza. Kuyathusa ukubona indlela okuhlelwa ngayo izinto. Ngiphoxekile ngoba besinenqwaba yamathuba kulomdlalo. 

Angeneme ngomphumela, besidlala ngaphansi kwesimo esibucayi kodwa sizame okusemandleni,” kuchaza uHunt ekhuluma nabezindaba. 

ISuperSport inomdlalo weligi neqembu likaHunt lakudala iMoroka Swallows ngoLwesihlanu eDobsonville Stadium. 

“Siyiqembu elikhiqiza abadlali abasebancane, kuyadingeka sibanikeze amathuba. ICAF iy8thuba lokusebenzisa abadlali abangajwayele ukudlala. Abadlali abasebancane bazivezile namuhla,” kubeka uHunt. 

ISuperSport isiqede imidlalo emihlanu idliwa induku kulandelana uma kubalwa yonke imiqhudelwano.